Langa Linye Lyrics by MDUDUZI NCUBE


Ngelanga linye kolunga konke
K'yobe 'ngathi akaze kwabheda lutho
Ngizwe kahle moya wami, kuyoshitsh' izinto
Kushitsh' izinto kushitsh' izinhliziyo

Nxa ngibuyel' ekhaya, 'simo sami soshitsha
Ng'gunqe phansi ngedolo, ngithembe won' umkhululeko
Uzongiph' amandla
'Jes' uhlez' unam', 'mpilo yami ayipheli la
Aph' eng'khon' ungipha amandla
Uz' ung'gcinele umam' ekhaya
Uhlala ehleli ekholwa ukuthi isimo soshitsha

Ngelanga linye kolunga konke
K'yobe 'ngathi akaze kwabheda lutho
Ngizwe kahle moya wami, kuyoshitsh' izinto
Kushitsh' izinto kushitsh' izinhliziyo.

Ey, ng'yakuzwa mina mfowethu
Ake s'guqephansi ngedolo sikhulekele uMdali
Yeah (Haleluya)
Ah, Ngimcabang' ecindezel iphepha ngomsizi (eish)
Ng'bathob' inhliziyo bang'bize ngomsizi
Langa limb' ungalindele lophela lol'sizi
Ungacabang' uk'yek' umkhuleko nom' ubon' engathi aw'sizi
Baba ngisizw' is'khalo sami kulesi sizwe basizwe
Ng'yavuma siyizoni mabesibizel' enkonzweni asizi
Nokwenyanga kohlala inyangana kwande usizi
Sikhohlw' ukukhuleka kuMdali athumel' ingelosi kithi
Isibonelo esihle kithi uwena Mduduzi
Konke kuqale ushay' is'gingci ngaphandle komuzi
Kwas' ukhalis' isingingci esingakulethel' umuzi
S'bonge kuMakoya noBig-Zulu ababelievele kuwe
Nawe mntakamam ng'yacela ithemba ungalilahli
Okwabantu abansundu akukwaze kwalula
ukuthola kweth' amandla kumele siqale s'bhek' emuva,
Keph' ukubheka kweth' emuva
ikon' okuzos'lethel' ifuture

Ngelanga linye kolunga konke
K'yobe 'ngathi akaze kwabheda lutho
Ngizwe kahle moya wami, kuyoshitsh' izinto
Kushitsh' izinto kushitsh' izinhliziyo

Aw sikhulekela ithemba,
Impela bayabusiswa othemba labo likuJehova.
Ngoba uNkulunkulu kwesinye iskhathi
uphila njengenhlansi yethemba kuwe ngaphakathi
Impilo ngiyifanisa nosuku.
Ekseni kuyakhanya ntambama kumnyama khona namhlanje
Ifana nesimo sezulu iyashitshashitsha
Kodwa ngelinye ilanga kuyokhanya ngakimi izinto ziyoshitsha
Ngikhulekela umama ekhaya
Kungathi makukhanya kimi kuye libe selimshonele
Usekhuleke kakhulu ekhulekele lempilo esingayazi
Uthi izolo bengifunda ngathola neziqu
Kodwa namhlanje ngiphila ngekhono ngibhala inkondlo
Nami angikholwa.  
Ubufakazi ukuthi kusasa kuzokhanya
Lenkondlo eyabazukulu besizukulwane sabazukulu bami
Esebelahlekelwe ithemba nkosi yami
Kuthi noma sebebukelwa phansi emhlabeni
Bengalinge babuyisele okubi ngokubi
Ngoba yibona abayophenduka abantu ababi
phindubhala futhi Cofi

Ngelanga linye kolunga konke
K'yobe 'ngathi akaze kwabheda lutho
Ngizwe kahle moya wami, kuyoshitsh' izinto
Kushitsh' izinto kushitsh' izinhliziyo


About Langa Linye

Album : Langa Linye (Single)
Release Year : 2022
Added By : Farida
Published : Jan 21 , 2022

More MDUDUZI NCUBE Lyrics

MDUDUZI NCUBE
MDUDUZI NCUBE
MDUDUZI NCUBE
MDUDUZI NCUBE

Comments ( 0 )

No Comment yet



About AfrikaLyrics

Afrika Lyrics is the most diverse collection of African song lyrics and translations. Afrika Lyrics provides music lyrics from over 30 African countries and lyrics translations from over 10 African Languages into English and French

Follow Afrika Lyrics

© 2022, We Tell Africa Group Sarl