Revelation Lyrics
Revelation Lyrics by NOMFUNDO MOH
Thonga lami ngihawukele
Thonga lami ngihawukele
Thonga lami ngihawukele
weThonga lami
Ilanga liyaqala ukuphakama
Kuwena kuza ukukhanya
Ungabe usakhala
Iningi ngawe lisazomangala
Yekela ukusaba
Dondolo lakho malifuna ukusala
Ungabe usasala
Mtanami lana sozabalaza
Kwasho kwagqama
Kwankeneneza iphimbo lakho ezindlebeni zeningi
Qede lazwakala
Lahlala ezinhlizweni zeningi qede labakha
Babuyelwa yithemba
Mhlaba wonke wena mbali wawusuqhakaza
Yebo umhlaba uyahlaba
Kodwa lo mhlaba usuzozabalaza kuwe nje
Bengicela ungabe usasaba
Ilanga kuwe seliyaphakama
Ngibona ukukhanya
Namanje mina sengiyahamba
Watch Video
About Revelation
More NOMFUNDO MOH Lyrics
Comments ( 0 )
No Comment yet
You May also Like
Get Afrika Lyrics Mobile App
About AfrikaLyrics
Follow Afrika Lyrics
© 2025, We Tell Africa Group Sarl