Umuthi Lyrics by BLAQ DIAMOND


EGol' impilo ayikho
Alukh' uthando
Kugcwele umhobholo
Wonk' umuntu usewu gombela-kwesakhe
EGol' impilo ayikho
Alukh' uthando
Kugcwele umhobholo
Wonk' umuntu usewu gombela-kwesakhe

Ngizwa kukhala amaviyo oh
Bayangibiza emakhaya
Ngizwa kukhala amaviyo oh
Bayangibiza emakhaya

Sengikhumbul' ekhaya
Nyawo zami ngibelethe
KwaFelubala, sengilel' esifubeni samama
Sengikhumbul' ekhaya
Nyawo zami ngibelethe
KwaFelubala, sengilel' esifubeni samama

Ngizwa kukhala amaviyo oh
Bayangibiza emakhaya
Ngizwa kukhala amaviyo oh
Hee eh bayangibiza emakhaya

Zonk' insuku ze calendar
Zonk' insuku ze calendar
Ngiseyimayini ngiyasebenza
Ekhaya ngibabona December
Zonk' insuku ze calendar
Zonk' insuku ze calendar
Ngiseyimayini ngiyasebenza
Ekhaya ngibabona December

Ow indizamshini ipheth' umuthi olaphayo
Ow indizamshini ipheth' umuthi olaphayo

Wahelez' umoya, isiphepho nephimbo kwaphum' ingoma emnandi
Kwadans' iNingizimu Afrika yonke, inqola indizamshini
Akukho lapho bengafinyeleli khona, isenzasamuntu
Ububanzi bomuntu sibufanisa nedayimane elimnyama
Int' eswenka kubande kwamancane entombini
Uyalaz' isoka lamanyala
Ushuni wakudala kuphela uthintwa isandla esisha
Ingoma yazalwa kabusha eMnambithi yamamatheka yonk' i Afrika
Yathi "ingoma emnandi iyaphindwa"
Phind' ubhale futhi Cofi ngabe sengiyabhala

Watch Video

About Umuthi

Album : Umuthi (Single)
Release Year : 2020
Copyright : (c) 2022
Added By : Huntyr Kelx
Published : Feb 27 , 2022

More BLAQ DIAMOND Lyrics

BLAQ DIAMOND
BLAQ DIAMOND
BLAQ DIAMOND
BLAQ DIAMOND

Comments ( 0 )

No Comment yet



About AfrikaLyrics

Afrika Lyrics is the most diverse collection of African song lyrics and translations. Afrika Lyrics provides music lyrics from over 30 African countries and lyrics translations from over 10 African Languages into English and French

Follow Afrika Lyrics

© 2024, We Tell Africa Group Sarl